Abakhongi
ABAKHONGI
1. Ngamadoda amabili athunyelwa kubo kwentshiki ukuyocela isihlobo esihle.
2. Kudingeka ukuthi kube ngamadoda anamazwi aconsa uju, azokwazi ukuthambisa abasekhweni.
.
3. Kuba khona umkhongi omncane nomdala
4. Umkhongi omncane owangaphandle bese kuthi omdala ngowasekhaya okungaba ubabomncane wensizwa okanye uMalume.
5. Ngaphambi kokuba basuke ekhaya sebeya kubo kantombazane kushiswa impepho kubikwe uhambo lwabo.
6. Baphuma nezinkomo ezibikiwe emadlozini ukuthi isibaya salapha ekhaya siyaphunguka manje ngesimo sokuthi siyothenga imbali ezokhulisa leli khaya .
.
6. Abakhongi banikezwa ubuhlalu obumhlophe bahambe nabo.
7. Kufanele bafike emzini kusesekuseni.
8. Abakhulumisi muntu endleleni.
9. Uma befika kulowo muzi abathunyelwe kuwo bama esangweni bathaphe izithakazelo zalapho kulowo muzi besho ukuthi baze ngani.
10. Kufanele bacacise ukuthi baphethe izinkomo zamasondo noma ezoboya.
11. Bayazisho izimeshe abaziphethe bezibale ngokuhluka kwazo njengokuthi besho ukuthi siphethe isihleza sethu noma ihinikazi lethu.
12. Ngosuku lokuqala bayaxoshwa abakhongi futhi bathelwa induku uma ethandile unomzane womuzi, hhayi phela induku yokuthi sekuyaliwa.
13. Uma benginiswa ekhaya, kuthunywa intombazane iyobangenisa endlini lapho kuzobanjelwa khona izingxongxo zamalobolo.
.
14. Kuyaqala-ke kuxoxwe, kulandwe namantombazane asekhaya wonke eze egqoke okufanayo abakhongi bekhethe abeze ngaye.
15. Kulandelwa ngezinkomo zamalobolo okuyinkomo kaMama, eyesikhumba, eyomqhoyiso, inkomo yesibhoma njalo njalo.
16. Uma sekuqediwe abakhongi bashiya lobu buhlalu obumhlophe abanikwe bona ekhaya, bese benikwa obunye obubomvu.
17. Lobu obubomvu bazobuveza ekhaya, okungufakazi bokuthi bavunyiwe lapho kade beye khona.
.
Wena ngokwazi kwakho kwenziwa kanjani?
Comments
Post a Comment